Le nkonzo itholakala kunoma ngubani umuntu ohlukunyezwe wubugebengu.
Lapho umuntu ehlukunyezwe wubugebengu, angaxhumana namaphoyisa ngokushayela kwinombolo ethi: 10111 noma ngokuya esiteshini samaphoyisa esiseduzane ukubika ubugebengu.
Uma iphoyisa libhekana nendawo okwenzeke kuyo ubugebengu, lizothatha isitatimende kumkhalazi kanye nofakazi uma bekhona.
Umkhalazi kumele aqinisekise ukuthi i-CAS number anikezwa yona uyayigcina lapho kunemibuzo ngekusasa maqondana necala lobugebengu.
Isikhulu sephoyisa sizokhulumisana naye ebese sithatha isitatimende kumkhalazi kanye nokubhala phansi ubugebengu obubikwayo kwi-CAS.
Idokodo lecala elibhalisiwe, linikezwa iphoyisa lophenyisiso ozoqhubeka nokuphenyisisa. Yonke imibuzo kumele iqondiswe kule-detective.
U-detective oqondene necala uzophetha uphenyisiso ebese ethula idokodo kwinkantolo efanele ukuze iqule icala.
U-detective uzokwazisa umkhalazi ngokuthi kumele aye nini enkantolo ukuyolalela icala.
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
Isikhulu sephoyisa esithatha isitatimende sizogcwalisa ifomu.
